Iqembu le-MSAC Likhuluma Ngokulwa Nokungaqashwa, Nokuvulela Intsha Amathuba Emisebenzi

Udaba: Nomvula Mohalake

Amalungu akwa MSAC (Msukaligwa Socio-Economic Acumen Chamber) avakashele endaweni yase Khanyisa i-phephandaba lapho abemnywe khona yiKhanyisa ukuthi bazoxoxa nomphakathi.

UMn. Siyabonga Motha (UNobhala) ehambisana no Mnu. Sibusiso Lukhele (Usomlomo) bachaze ukuthi i-MSAC yasungulwa ngonyaka ka 2017 endaweni yase Ermelo

Bathe leli iqembu lasungulwa ngoba bebona ubunzima umphakathi obhekana nabo uma kufika isikhathi sokuthi umuntu eyofuna umsebezi. Bahlala phansi babona ukuthi e-Ermelo kukhona izimayini kepha a bantu base Msukaligwa abaqhashwa ngesimo sabantu bangaphadle abathola imisebezi bese kuthi abasekhaya bangatholi lutho.

MSAC
MSAC

Kantike, leli iqembu lixhumekeke ekuthuthukiseni amakhono omsebenzi (Skills Development), amathuba emisebenzi (Job opportunities), kanye nokuthuthukisa intsha (Youth development).

I-MSAC le, yaqalwa ukuze izokwazi ukukhulumela abahlali baSeMsukaligwa ukuthi bathole amathuba emisebenzi kumakhampani afana nabo Eskom, Transnet, o-Msobo Coal namanye amamayini namakhampani asebenza la eMsukaligwa.

Baqhubeka bachaza ukuthi i-MSAC yi NPO (Non Profit Organisation) ezimele. Banokuhlangabezana nobunzima uma kumele abantu bathole umsebeze ngoba bamele amaWard awu-19 uma esephelele.

Baqhubeke bathi uma kukhona ukuqhashwa okungekho emthethweni bayaye bangenelele ukuze abantu bathole umsebenzi ngokulingana, ikakhulu kazi abaseMsukaligwa.

Kanti futhi baveze nokuthi bazama ukuthi Intsha ngobuningi ikwazi ukuthola imisebenzi. Ingaphethi ngokuthi ibe uvanzi emigwaqweni bephethe utshwala bagcine belahlekelwe amathuba ngoba bengazi ukuthi kumele benzeni, into ebangelwa ukungasebenzi.

Bathe kule NPO akubalulekile ukuthi usuka kuyiphi ihlangano yepolitiki ngakho wonke umuntu wamukelekile.

Uma ngabe nawe ufuna ukuba yilungu le-MSAC, kumele ubhalise kwi data base mahala endaweni ohlala kuyo ukuze nawe ubesemathubeni, ukwenzela ukuthi uma kuvela amathuba omsebenzi, nawe bazi ukuthi ukhona.

Umangabe ufuna olunye ulwazi mayelana ne-MSAC ungabathola kukhasi labo lezokuxhumana.

Facebook: Msukaligwa Socio-Economic Acumen Chamber
Email: msac.chamber@gmail.com
Contact: 0715967997/ 0721374765

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here