Volunteering

Iqembu le-MSAC Likhuluma Ngokulwa Nokungaqashwa, Nokuvulela Intsha Amathuba Emisebenzi

Udaba: Nomvula Mohalake Amalungu akwa MSAC (Msukaligwa Socio-Economic Acumen Chamber) avakashele endaweni yase Khanyisa i-phephandaba lapho abemnywe khona yiKhanyisa ukuthi bazoxoxa nomphakathi. UMn. Siyabonga Motha (UNobhala) ehambisana no Mnu. Sibusiso Lukhele (Usomlomo) bachaze ukuthi i-MSAC yasungulwa ngonyaka ka 2017 endaweni yase Ermelo Bathe leli iqembu lasungulwa ngoba bebona ubunzima umphakathi obhekana nabo uma kufika isikhathi sokuthi umuntu eyofuna umsebezi. Bahlala phansi babona ukuthi e-Ermelo kukhona izimayini kepha a bantu base Msukaligwa abaqhashwa ngesimo sabantu bangaphadle abathola imisebezi bese kuthi abasekhaya bangatholi lutho. Kantike, leli iqembu lixhumekeke ekuthuthukiseni amakhono omsebenzi (Skills Development), amathuba emisebenzi (Job opportunities), kanye nokuthuthukisa intsha (Youth development). I-MSAC le, yaqalwa ukuze izokwazi ukukhulumela abahlali baSeMsukaligwa ukuthi bathole amathuba emisebenzi kumakhampani afana nabo Eskom, Transnet, o-Msobo Coal namanye amamayini namakhampani asebenza la eMsukaligwa. Baqhubeka bachaza ukuthi i-MSAC yi NPO (Non Profit Organisation) ezimele. Banokuhlangabezana nobunzima uma kumele abantu bathole umsebeze ngoba bamele amaWard awu-19 uma esephelele. Baqhubeke bathi uma kukhona ukuqhashwa okungekho emthethweni bayaye bangenelele ukuze abantu bathole umsebenzi ngokulingana, ikakhulu kazi abaseMsukaligwa. Kanti futhi baveze nokuthi bazama ukuthi Intsha ngobuningi ikwazi ukuthola imisebenzi. Ingaphethi ngokuthi ibe uvanzi emigwaqweni bephethe utshwala bagcine belahlekelwe amathuba ngoba bengazi ukuthi kumele benzeni, into ebangelwa ukungasebenzi. Bathe kule NPO akubalulekile ukuthi usuka kuyiphi ihlangano yepolitiki ngakho wonke umuntu wamukelekile. Uma ngabe nawe ufuna ukuba yilungu le-MSAC, kumele...

Popular

Most Recent

Most Recent

Heritage Day 2025: SANBS and RTSA Urge South Africans to Save Lives

This Heritage Day, SANBS calls on South Africans to be heroes. One unit of blood saves three lives. Join the Bleed for Change campaign. This...

Most Recent