Umphakathi wase msukaligwa, mkhondo kanyene ngaverning mbheki uphume ngobuningi beyi NAFCOC belibhekise e Camdeni Power Station bethi beyofuna okwabo okuyi unlimited budget abafuna kuthuthukiswe ngayo osomabizinis abezenfuyo kanye nalabo abatsalayo.
Kuthiwa lena nhlangano ibheke ukuqhashwa ngokungemthetho ezimayini ezisondelene no msukaligwa nokuqhasha abantu bangaphandle. Umnuz u Sbusiso Sgudla uthe lena nhlangano yasungulwa unksz u busi ethi lena nhlangano izosebenzela umphakathi
Kuthiwa lena mashi ibheke ukuthuthukiswa kwamabhizinis, kwezemfuyo, kwabakhubazekile, abangasebenzi kanye nokubuyela emasimini ukuze kuvela amathuba omsebenzi. Ngakho size lapha e Camden power station sizofuna kuphele ama buyers and users sifuna u 80% wokuthi kuthuthukiswe amakhono

U General mannenger wase Camdeni usimukele iskhalo somphakathi wase e sayina isivumelwano sokuthi uzofeza izithembiso abakhala ngazo. Isekela lika General maneger umnuz u DUBE bamjikisile kuze aphephe ngesimo sokuthi i-NAFCOC imsola ngokuthi umukela ukufumbathiswa ngabantu ukuze bazuze.
Umnuz uMzwandile Uthe noma ezinye inhlangani zingafuni ukuthi bayephambi ngokuthi bavimbe amabhasi ukuthi angafiki endaweni yase camden lapho kukhona i mashi. Uthe lena mashi izowavula amathuba noma bengaphelele kuthiwa ngathi kukhona enye i NAFCOC engafuni ukubona lena NAFCOC iyaphambili
Ngakho bayacela ukuthi ningabalaleli abantu abakhulumayo belokhu becekela phansi i NAFCOC. Baphethe ngokuthi umangabe kungenzeki lokho kuze kuphele izinsuku ezingu 14 bazophide babuye kuze kufezeke izethembiso.






