Follow us!

It is from History that we learn that people never learn anything from History, then they say “History repeats itself!”

Home Advertise Artficial Inteligence Contact Us
YOUR TRUSTED MEDIA PARTNER

Izinhlelo ezinkulu ku SODA yoSifunda i-GSDM

IMeya ePhethe yesiFunda sase-Gert Sibande, uCllr. Walter Mngomezulu, wethule uhlelo lokusheshisa ukukhula nokuthuthuka kwesifunda. Enkulumeni yakhe yeSifunda ngolwesiHlanu  ziku 23 kuyo le ephezulu, iMeya uMngomezulu ugqamise ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, okuhlanganisa ukuthuthukiswa kwemigwaqo nokwandiswa kwezinsiza zamanzi nokuthuthwa kwendle, inhloso kuwukuphakamisa izindawo ezingakathuthuki. Uphinde wamemezela izinhlelo zokuthuthukisa imfundo nokunakekelwa kwezempilo ngokusungula izikole ezintsha nemitholampilo, ukuqinisekisa ukuthi yonke imiphakathi iyazuza kulezi zinsiza ezibalulekile.


Imeya uMngomezulu igcizelele ukubaluleka kokuvuselelwa komnotho njengoba kunezinhlelo ezibheke osomabhizinisi abancane, intsha nosomabhizinisi besifazane. Lezi zinhlelo kulindeleke ukuthi zigqugquzele ukudalwa kwamathuba emisebenzi futhi zihehe abatshalizimali, ziqhubekisele isifunda ekuchumeni isikhathi eside. Unxuse zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthi zibumbane ekuguquleni iSifunda sibe yisifunda esiphumelelayo nesihlanganisa wonke umuntu, egcizelela ukubaluleka kokubambisana ekufezeni lezi zinhloso.


Isamba semali esingu-R150 million sabelwe yi-Water and Sanitation Infrastructure Grant kumasipala wendawo waseLekwa onyakeni wezimali ka-2023/24. Lokhu kuwumsebenzi oxhaswe nguMnyango weWater and Sanitation. I-District iyi-ejenti esebenzayo ye-WSIG kumasipala wendawo waseLekwa. Lapha kuhloswe ukuqeda ukuchitheka kwendle e-Rooikopen.


ILabhorethri Yokuhlanzwa kwamanzi ye-GSDM ithole umjikelezo wayo wesibili ogunyazwa yi-South African National Accreditation System (SANAS) ngoMeyi 2022. Lokhu kuzosebenza kuze kube nguMeyi 2027. Ukuhlolwa kwenziwa njalo emuva kwezinyanga ezilishumi nambili. Kusuka ku-Okthoba 2023, ukuhlola okulandelayo kuhlelelwe u-Okthoba 2024.


Ngonyaka wezimali ka-2023/24, i-GSDM iphinde yatshala imali elinganiselwa ku-R1.41 million njengoxhaso oluwu-60% lokuxhasa oMasipala Bendawo ukuze bahlole izinga lamanzi. Ukuhlolwa kwezinga lamanzi kanye nezinsiza zokuthatha amasampula nakho kuyaqhubeka nokusiza omasipala Bendawo ukuthi bathuthuke kumaphuzu abo esitifiketi se-Blue Drop kanye ne-Green Drop. Kulo nyaka wezimali ka-2024/25, iSifunda sizongenelela komasipala abasaqhubeka nokuthola amaphuzu aphansi e-Blue Drop kanye ne-Green Drop Kanye nalabo abangenayo imiphumela yokuhlolwa. Kuzotholakala noxhaso oluqhamuka ngaphandle okwesikhathi esiyiminyaka emibili ukuze kulungiswe isimo.


Umklamo we-Umbila Emoyeni owaziwa ngeSeriti Wind Farm, isikhungo sogesi ovuselelekayo esizokhiqiza ugesi olinganiselwa ku-900MW, usuqalile emnva kokutshalwa kwemali elinganiselwa ku-R20 Billion. Lemali izosebenza iminyaka emihlanu. Amathuba emisebenzi adalekile alinganiselwa ku-600 kanti izokwengeza namadla ku Nationa Grid.


Isifunda sikhulise ubudlelwano bamazwe ngamazwe okudale i-Aerospace Industrial Hub, ne-Transworld Aviation kanye ne-Motheo TVET College abambisana ekwenziweni kwezindiza, ukulungiswa kwazo, kanye nezinhlelo zokuqeqesha abafundi.


Gert Sibande District Mayor: Clr Mngomezulu

Watch this Hilarious comedy guaranteed to take away your stress instantly